1 Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*
2 Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla.
3 Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iThabehera, ngokuba umlilo kaJehova washa phakathi kwabo.
4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?
5 Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;