29 UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”
30 UMose wangena ekamu,* yena namalunga akwa-Israyeli.
31 Kwavuka umoya ovela kuJehova, waletha izigwaca zivela ngaselwandle, waziwisa ngasekamu* kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke, nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.
32 Abantu bavuka lonke lolo suku, nobusuku bonke, nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca; owabutha okuncane wabutha amahomere* ayishumi; bazenekela ngasekamu* nxazonke.
33 Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.
34 Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iKibiroti Hathawa,* ngokuba bambela abantu abafisayo.
35 Abantu basuka eKibiroti Hathawa, baya eHaseroti; bahlala eHaseroti.