4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?
5 Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;
6 kepha manje umphefumulo wethu usuwomile; akukho lutho impela; ngaphandle kwaleli mana* akukho lutho emehlweni ethu.”
7 Imana* lafana nembewu yekoriyanderi,* nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola.*
8 Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.
9 Nxa amazolo elala phezu kwekamu* ebusuku, imana* lawela phezu kwawo.
10 UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.