8 ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”
9 Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka.
10 Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.
11 U-Aroni wathi kuMose: “O nkosi, ake ungabeki isono phezu kwethu ngalokho esikwenzile ngobuwula, nangalokho esone ngakho.
12 Ake angabi njengofileyo, onyama yakhe idliwe inxenye, nxa ephuma esizalweni sikanina.”
13 UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”
14 UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.”