10 Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi.
11 Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.
12 Owesizwe sakwaDani: u-Amiyeli indodana kaGemali.
13 Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
14 Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.
15 Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki.
16 Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.