25 Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.
26 Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.
27 Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
28 Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.
29 U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”
30 UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”
31 Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.”