3 UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
4 Lawa angamagama abo:Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri.
5 Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori.
6 Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.
7 Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa.
8 Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni.
9 Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu.