10 Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.
11 UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?
12 Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”
13 UMose wathi kuJehova: “Khona abaseGibithe bayakukuzwa, ngokuba wakhuphula laba bantu ngamandla akho phakathi kwabo,
14 babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.
15 Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:
16 ‘Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.’