3 UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?”
4 Bathi omunye komunye: “Masibeke induna, sibuyele eGibithe.”
5 Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.
6 UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,
7 bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu.
8 Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.
9 Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.”