35 Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.”
36 Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe, abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,
37 wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.
38 Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.
39 UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.
40 Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.”
41 UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela.