6 UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,
7 bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu.
8 Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.
9 Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.”
10 Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.
11 UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?
12 Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”