34 Bambeka ukuba alindwe, ngokuba kwakungakanqunywa ukuthi kuyakwenziwani kuye.
35 UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”*
36 Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu,* yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.
37 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
38 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, usho kubo ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, futhi ukuba babeke igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yonke;
39 lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,
40 ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.