28 UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.
29 Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga.
30 Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”
31 Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;
32 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.
33 Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.
34 Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”