31 Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;
32 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.
33 Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.
34 Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”
35 Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.
36 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
37 “Yisho ku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele,