34 Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”
35 Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.
36 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
37 “Yisho ku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele,
38 imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.”
39 U-Eleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba yisimbozo se-altare,
40 ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.