15 Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.
16 Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.
17 “Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
18 Inyama yazo iyakuba ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.
19 Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”
20 UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
21 “Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.