5 isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;
6 umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.
7 Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu,* umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.
8 Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
9 “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.
10 Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
11 “ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.