9 “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.
10 Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
11 “ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
12 Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.
13 Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.
14 “ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
15 Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.