19 Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”
20 Kepha wathi: “Awuyikudabula.”U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.
21 Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.
22 Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.
23 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi:
24 “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.
25 Thabatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori,