Unumeri
Izahluko 21:20-26
Ibhayibheli Elingcwele
20basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
21 U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:
22“Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.”
23USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.
24U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.
25U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.
26Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.