4 Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.
5 Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”
6 UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa.
7 Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.
8 UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
9 UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
10 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti.