Unumeri
Izahluko 21:6-12
Ibhayibheli Elingcwele
6 UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa.
7Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.
8UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
9UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
10Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti.
11Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga.
12Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi.