19 Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku, ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi.”
20 UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”
21 UBileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi.
22 Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.
23 Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.
24 Ingelosi kaJehova yayisima endleleni engumngcingo phakathi kwezivini, kwaba ludonga ngalapha nodonga ngalapha.
25 Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.