12 UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:
13 ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?
14 Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”
15 Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,umuntu oso lakhe livuliwe uthi,
16 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,owazi ukwazi koPhezukonke,obonile umbono kaSomandla,ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:
17 “Ngiyambona, kepha kungemanje;ngiyambheka, kodwa kungeseduze;kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,ishaye uMowabi emaceleni,ichithe onke amadodana kaSheti.
18 U-Edomi uyakuba yifa;uSeyiri uyakuba yifa naye,owayengowezitha zakhe,u-Israyeli esenza okubuqhawe.