17 “Ngiyambona, kepha kungemanje;ngiyambheka, kodwa kungeseduze;kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,ishaye uMowabi emaceleni,ichithe onke amadodana kaSheti.
18 U-Edomi uyakuba yifa;uSeyiri uyakuba yifa naye,owayengowezitha zakhe,u-Israyeli esenza okubuqhawe.
19 Uyakuvela kuJakobe,achithe insali emzini.”
20 Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi:“U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe,kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”
21 Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi:“Inamandla indawo yakho yokuhlala;isidleke sakho simisiwe edwaleni.
22 Nokho uKayini uyakuchithwauze uthunjwe ngu-Ashuri.”
23 Wathatha isisho sakhe, wathi:“Maye, ngubani oyakuphila,lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?