6 Elulekile njengezigodi,njengamasimu ngasemfuleni,njengemihlaba ayitshalile uJehova,njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.
7 Amanzi ayakugobhoza,aphume ezimbizeni zakhe,imbewu yakhe ibe semanzini amaningi,inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi,umbuso wakhe uphakame.
8 “UNkulunkulu wamkhipha eGibithe;unjengezimpondo zenyathi kubo;uyakuqeda izizwe, izitha zakhe,aphule amathambo azo,azigwaze ngemicibisholo yakhe.
9 Wabuthalala,walala phansi njengengonyama,nanjengengonyamakazi,ngubani oyakumvusa na?“Mababusiswe bonke abakubusisayo,baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”
10 Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.
11 Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”
12 UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi: