7 Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,
8 wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.
9 Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10 UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi:
11 “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.
12 Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula;
13 siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”