2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”
3 OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
4 “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”
5 URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
6 kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
7 Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8 Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.