58 Nansi imindeni yamaLevi:ngumndeni wakwaLibini,nomndeni wakwaHebroni,nomndeni wakwaMaheli,nomndeni wakwaMushi,nomndeni wakwaKora.UKohati wazala u-Amramu.
59 Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.
60 U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
61 ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
63 Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
64 Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.