7 Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8 Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.
9 Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
10 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.
11 Kepha amadodana kaKora awafanga.
12 Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
13 kwaZera: ngumndeni wakwaZera;kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.