12 kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye,
13 nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
14 Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.
15 Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
16 “ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.
17 Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
18 Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,