13 Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
14 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi, wathi:
15 “Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.”
16 UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.
17 Lawa angamadodana kaLevingamagama awo: oGereshoni,noKohati, noMerari.
18 Lawa angamagama amadodanakaGereshoni ngemindeni yawo:oLibini noShimeyi.
19 Namadodana kaKohati ngemindeniyawo: o-Amramu, noJisihari,noHebroni, no-Uziyeli.