23 Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga.
24 Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaLayeli.
25 Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26 nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.
27 KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.
28 Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.
29 Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.