28 Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.
29 Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.
30 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elisafani indodana ka-Uziyeli.
31 Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.
32 U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
33 KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari.
34 Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.