32 U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
33 KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari.
34 Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.
35 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.
36 Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,
37 nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.
38 Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.