35 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.
36 Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,
37 nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.
38 Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
39 Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
40 UJehova wathi kuMose: “Bala onke amazibulo esilisa abantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ubale umumo wamagama abo.
41 Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.”