47 uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili;
48 umnike u-Aroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.”
49 UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;
50 kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.
51 UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.