9 “ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.
10 “ ‘Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophe ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo,
11 indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
12 kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela.
13 Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.
14 Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;
15 kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ”