11 Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.
12 Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.
13 OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.*
14 UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.
15 UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?
16 Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.
17 Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.