15 UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?
16 Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.
17 Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.
18 Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.
19 “Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.
20 Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”
21 Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose: