25 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
26 “Balani impango yonke ethathiweyo, abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,
27 wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,
28 uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,
29 nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
30 Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”
31 OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.