29 nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
30 Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”
31 OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
32 Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,
33 nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili,
34 nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye,
35 nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.