5 Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.
6 UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
7 Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke.
8 Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.
9 Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.
10 Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo.
11 Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.