2 abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi:
3 “I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,
4 izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo.”
5 Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”
6 UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?
7 Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?
8 Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.