21 kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova, aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe,
22 izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.
23 “Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.
24 Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”
25 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.
26 Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,
27 kepha izinceku zakho ziyakuwela, kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa, phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.”