25 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.
26 Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,
27 kepha izinceku zakho ziyakuwela, kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa, phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.”
28 UMose wayeseyala u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo.
29 UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;
30 kepha uma bengaweli nani behlomile, bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”
31 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi: “Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo.