32 Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”
33 UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.
34 Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri,
35 ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha,
36 neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu.
37 Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi,
38 neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.