36 neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu.
37 Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi,
38 neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.
39 Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo.
40 UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo.
41 UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo, wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire.
42 UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo, walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.