2 zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.
3 Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.
4 Lapho liyakuba khona ijubili* labantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.
5 UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle.
6 Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise.
7 Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.
8 Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.