18 “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,
19 kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
20 kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”
21 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
22 “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo
23 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
24 “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala: